Izimali zentela kuvamise ukuba zikhokhelwe ngosuku olubekiwe kwinothisi yokuhlolelwa ukukhokhela intela noma nganoma yiyiphi inothisi yokukhokha ekhishwa ngabe-South African Revenue Service . Uma leli nani lingakhokhwa ngalolo suku olubekiwe, uzobasecaleni lokukhokhela inzalo kanye nama-penalty.
Uma ungakwazi ukukhokhela inani elifanele ngosuku olubekiwe, ungenza isicelo samalungiselelo okukhokhela lelo nani ngesinye isikhathi kamuva.
Ukukhokhela lelo nani kamuva maqondana nebhalansi kwi-akhawunti yakho kungabonelelwa esikhathini somkhawulo wezinyanga ezintathu, kuye ngezizathu zaleso sicelo.
Abe-SARS bazobonelela isicelo sakho nokwenza isinqumo sokugcina ngokuthi wenze amalungiselelo okukhokha kamuva. Sicela uqaphele ukuthi abe-SARS banelungelo lokunqabela isicelo sakho.
Sayina isivumelwano sokukhokha kamuva ngaphambi kokuba amalungiselelo alokhu afakelwe kurekhodi lakho lentela.
Uma uhluleka ukulandela izimo zokukhokhela intela oyikweledayo kamuva njengoba kubekiwe kwisivumelwano osisayine nabe-SARS, amalungiselelo esivumelwano azokhanselwa, ebese kuqalwa ukulandela inqubo evamile yokuqoqa imali oyikweledayo.
Asikho isikhathi esibekiwe sale nkonzo.
Le nkonzo ngeyamahhala ayikhokhelwa.
Awekho amafomu okumele agcwaliswe.
